/>
EKHAYA IMIKHIQIZO YETHU UKUHWEBA IMIHLANGANO SINGOBANI UKUSITHINTA EMAIL UMBIKO LINKS
  UMBIKO switch to english

Yebo abongi bezezimali bamukelekile lapha kwaNotha Afrika,

Sithanda ukumema, ikakhulukazi labo abayizifundiswa ezingaqashiwe kanye nabantu abanekhono abalindele ukufaka igalelo labo kumnotho waseNingizimu Afrika ukuba bathintane nathi.
Ukuqeqeshwa kanye nohwebo ezimakethe ezahlukahlukene yithuba elihle lokwakha umcebo.
Lolu hlobo lomnotho indlela endala yokwenza imali, kuphela nje uma umgcini mali ethanda ukuzinika isikhathi sokufunda.

Omunye wabahwebi wachaza ngokubeka kwakhe imali engango-R10 000 wathi
"ngezinye izinyaka u-R10 000 wami ungenzela imali engango-R20 000,, 
 kanti ngezinye izinyanga kuba ngu- R300.
 Ngokuqhubeka ngihweba futhi ngifunda, mancane kakhulu amaphutha engiwenzayo."


Kuze kube yimanje, abantu abaningi baseNingizimu Afrika bebengakalitholi ithuba lokungena kulomsebenzi. Ngokukunikeza imfundo yolimi lwasekhaya nokwenza ithuba lapho wonke umuntu waseMzansi Afrika amukeleke, sithanda ukuthatha ithuba lokuba ufunde futhi uzuze.

Bonke abongi bezimali, abakhulu nabancane, ningalibali ukusithinta.Imbila yaswela umsila ngokulayezela.

INJONGO YETHU
Sikhuthaza futhi sithuthukisa amakhasimende ethu ukuba azibandakanye kwimakhethe yohwebo ngokubahlomisa ngoqeqesho nezindlela eziyizo zokwakha umnotho.

UMBONO
Sifisa ukuba ngabaholi kumnotho, sisiza ekwakheni umnotho, amathuba omsebenzi kanye nokwenza impilo engcono kubantu bonke.

Sifisa ukugcina umnotho nesithunzi sabalingani bethu baseNingizimu Afrika kanye nese Afrika yonkana. Sisonke ngokubambisana singenza igalelo elikhulu ekulweni nendlala nokungasebenzi.

Bangaphansi kwephesenti elilodwa [1%] umphakathi waseNingizimu Afrika ohweba ezimakethe zethu ngokuzimela, njengabaseNingizimu Afrika sidinga ukukhuthalela ukuba ngosomabhizinisi abazimele. Sifisa ukudlala noma ukubamba iqhaza ekwakheni isiko lokuhweba.