/>
EKHAYA IMIKHIQIZO YETHU UKUHWEBA IMIHLANGANO SINGOBANI UKUSITHINTA EMAIL UMBIKO LINKS
  IMIKHIQIZO YETHU:UKUQEQESHWA NESOFTWARE switch to english

UNotha Afrika ukunika umkhiqizo osezingeni eliphezulu obandakanya uqeqesho kanye ne software.
Sizokusiza ekukuhlomiseni ngolwazi lokuhweba kwimakethe yezabelo nokuziqalela ukwenza imali ngokwakho.

ISOFTWARE:
iChart wizard iyiSoftware ekunika ulwazi ngokwenza kwezabelo ngokuhlukana kwazo.

Leli yithuluzi elibalulekile labongi bezimali ngoba libanika ulwazi mayelana nokuthenga nokuthengisa izabelo ngesikhathi okuyisona, (ikakhulukazi labo abakhuluma isiZulu noma isiNgisi).



UKUFUNDISWA NGEZOHWEBO:
Izifundo zokuhweba zihlukene izigaba ezintathu. Lezi zigaba zihlelwe ngendlela ezohambelana nezidingo zakho - zihlukaniswe ngezifundo zasemini kanye nezakusihlwa.

Uqeqesho lwethu luyatholakala ngesiNgisi nangesiZulu.

Nangezilimi ezahlukene zaseNingizimu Afrika sizokusiza esikhathini esizayo:
  • Sizokusiza ukuvula i-akhawunti;
  • Sizokufundisa ukuthi uqonde kabanzi ngemikhiqizo yemakethe yezabelo nokuningi okumayelana nezohwebo;
  • Sizokukhombisa ukuthi ungamelana kanjani nengcuphe;
  • Sizokufundisa ukuthi ungayihumusha kanjani imininingwane oyinikwa isoftware yethu;
  • Sizokukhombisa izindlela ezahlukahlukene zokulondoloza.

YIKUPHI OKUNYE OKUDINGAYO UKUZE UQHUBEKELE PHAMBILI?

  • Uzodinga ikompuyutha, ilaptop nokuxhumana nge-internet;
  • Imali elinganiselwa kuma-R5000 yokulondoloza nokuhweba. (QAPHELA! Okubalulekile ukuthi imali oqala ngayo kungabi imali yokwebolekwa kumbe enenzalo ephezulu);
  • Isikhathi nokuzinikela:

Ukudayisa nokuhweba emakethe yezabelo kuyisu elihle. Emhlabeni wonke jikelele abantu kade babethenga bedayisa ukuze bathuthukise umnotho benze imali.

Ngokubuka zonke lezi zidingo, noma ubani angaba yingxenye yalombhidlango, uNotha Afrika uzokusiza ngekusasa lakho kwezohwebo.

USIZO NGEKUSASA

Amalungu asebhalisile siyawamema ukuba eze kwizifundo mahhala. Ngokusizwa isoftware yethu ye-Chart Wizard ungakwazi ukuxhumana nomunye wamalungu ethu kwaNotha Afrika, ngesiZulu noma ngesiNgisi!

Uzophinda waziswe ngezifundo nemihlangano okungaba khona ngochwepheshe bakhona kwaNotha Afrika. Ukuza kwakho kulemihlangano,kuzokusiza ekwazini ukuthi kwenzekalani ngezindaba zokuhweba zangaphandle kanye nezezimakethe zakuleli.

EMINYE IMIKHIQIZO

UNotha Afrika uzokunika yonke imininingwane kanye nosizo ngokukunika izindaba nemiyalezo eyahlukahlukene mayelana nokonga. Yonke imikhiqizo esinayo yenzelwe ukuba ikulekelele ekutholeni amathuba empumelelo.